You are on page 1of 16

Isikhungo i-Southern African Institute of Driving Instructors (SAIDI) I-SAIDI yasungulwa ngonyaka ka 1977 ukuze kube yisikhungo esilawula

labo abafundisa abashayeli bezimoto ukushayela. Lesi sikhungo samukela kuphela labo abafundisa abantu ukushayela izimoto ababhalisiwe ngokusemthethweni ukuba babe amalungu ukuze basebenze ngaphansi kwesigaba sayo sokuziphatha ngaphakathi kuMthethosisekelo.I-SAIDI ibeka amazinga athile kulo mkhakha ukuze kuvikelwe umphakathi futhi kuqhutshwe amazinga okushayela ngokugwema izingozi. Iwebhusayithi kanye nobulungu: www.saidi.co.za I-Justice Project South Africa (JPSA) I-JPSA yinhlangano yomphakathi engenzi nzuzo neyasungulwa ukuze ibhekele amalungelo ezakhamizi zaseNingizimu Afrika mayelana nokuphathwa kwazo yizikhulu ezibhekele ukusebenza komthetho. Kamuva nje le nhlangano isiphenduke umvikeli wamalungelo abashayeli bezimoto futhi iphinde ikhulume ngokulinganayo ngokuhlonishwa komthetho kanye nezindaba ezimayelana nokuphepha emgwaqeni. Iwebhusayithi kanye nobulungu: www.jp-sa.org

Ukuba nelayisensi yokushayela: kuyilungelo onikwe lona nosengaphucwa lona yiziphathimandla, akusilona ilungelo lokuzalwa. Ukuhlolwa kuka-K53 kubheka ulwazi lwakho kanye nekhono lokukwazi kwakho ukushayela. Awuhlolelwa ukukwazi kwakho ukuziphatha ngendlela eqotho noma isimo somqondo wakho. Lokho kusuke sekusele ngakuwe ukuthi ubhekane nakho. Ngabe usukulungele ngempela yini wena ukulandela yonke le migudu wenze okufanele na? Njengoba isibhamu esisezandleni zomuntu onezincwadi zokusiphatha kodwa obudedengu singabulala abantu nje, injalo-ke nemoto. Kudingeka ukuthi uhlale uqwashile futhi uphapheme uma ushayela imoto njengoba ungenza uma usuke uphethe noma usebenzisa isibhamu, ngoba zombili lezi zinto zinamandla okukulimaza noma zokukubulala wena kanye nabanye abantu. Uma wamukela ilungelo onikwa lona lokuba nelayisensi yokushayela, ngalokho wamukela izibopho ezengeziwe kuwe: Uyohlonipha imithetho yomgwaqo futhi usebenzise izindlela ze-K53 zokushayela ngokugwema ingozi impilo yakho yonke lapho usashayela; Uyohlala njalo uqwashile futhi unake umsebenzi wakho wokushayela noma yinini lapho ushayela imoto; Uyohlala ngaso sonke isikhathi usebenzisa umqondo ovulelekile futhi uziphathe ngokucophelela uma ushayela imoto, noma uma ushayela isithuthuthu. Ngokuqhubeka nokusebenzisa lokho okufundile kule ncwadi kanye futhi nangokwenza izifundo zokushayela, kanye futhi nangokuzithiba, ukucabanga kahle kahle nokusebenzisa umqondo ophusile, uyobe wenza okuningi kwalokho okudingekayo ukuze uvikele ukuthi wena, kanye nalabo onabo, ningabi ezinye zezisulu zokwedlula nezingozi zezimoto. Imithetho yokushayela emgwaqeni yaseNingizimu Afrika kanye nemitheshwana, njengalokhu kubalulwe kuMthetho Kazwelonke Wezemigwaqo, Imitheshwana kanye nezidingo kufanele kuhlonishwe. Njengayo yonke eminye imithetho, imithetho yemigwaqo kufanele ihlonishwe. Njengayo yonke eminye imithetho, imithetho yomgwaqo kufanele ihlonishwe. Ngaphansi kohlelo olusha lokwephucwa amaphuzu (AARTO), ilayisensi yakho yokushayela kungenzeka imiswe, noma ikhanselwe nje, uma ungayihloniphi le mithetho kanye nemitheshwana. Ungaboshwa futhi ugqunywe ejele, uma wenze amacala amakhulu, kungenzeka futhi uthole nerekhodi elibi lokuboshwa egameni lakho. Imikhawulo yejubane ikhonela isizathu esithile. Izimoto zesimanje zihlolelwa ukuphepha kusetshenziswa umkhawulo wejubane ongu-30 km/h kuphela. Uma wena ucabanga ukuthi ungakwazi ukushayisa imoto ihamba ngesivinini bese wena uyasinda, uyazikhohlisa. Ukuyibamba ime nse imoto noma ukungqubuzana kwazo uma zishayisana yilokho okubulalayo. Ngakho-ke kuyacaca ukuthi uma uhamba ngesivinini esiphezulu, uma kwenzeka lokhu okushiwo ngenhla, mkhulu umonakalo ongenzeka mhlawumbe ongagcina usukwenze inkubela noma ushone. Khumbula ukuthi, ubuchopho bakho buyaqhubeka nokuhamba bona uma imoto ima. Lokhu kwenza ukuthi ubuchopho bulimale. Isivivinyo sokuthola izincwadi zokushayela esingu-K53 sigxile ezingeni elamukelekile neliphasiswe iminyaka eminingi emazweni amaningi, futhi lutholakale luhamba phambili. Akusisona nje isivivinyo esilula sokukuvinyelela ukuthi usuyakwazi yini ukuphatha imoto noma isithuthuthu. Kungaphezulu kakhulu kabi kunalokho. Kuyinto okufanele ukuthi uhlale ubuyekeza ukuyenza ngaso sonke isikhathi. Angeke njengamanje wethembele kumalungu omndeni noma abangani ukuthi bakufundise ukushayela. Ngokohlelo lwe-K53, umuntu ofundisa omunye ukushayela kufanele kube oqeqeshiwe kuphela onolwazi kanye nesipiliyoni esidingekayo ukukufundisa izinqubo zokukwazi ukushayela ngokugwema ingozi okusuke kufanele ukuthi uzisebenzise ngesikhathi sesivivinyo, futhi nangaso sonke isikhathi lapho ushayela uma usunazo izincwadi zokushayela. Empeleni, sikhuluma nje kunemizamo yokuthi kube nomthetho oshaywayo wokuthi umuntu osafundela ukushayela eNingizimu Afrika kufanele aqale afundiswe ofundisa ukushayela okuqeqeshelwe ukwenza lokho ngaphambi kokuyohlolelwa ukushayela okusemthethweni. Ngakho-ke siyakukhuthaza ukuthi uqongelele imali yakho eceleni edingekayo ukuze uthathe izifundo zokushayela kanye nokuqeqeshelwa lokho, yize lokhu kubukeka njengezinye izindleko zelungelo onikwa lona lokuthi ube umshayeli onelayisensi. Ukukhokhela izifundo zokushayela kufana nesivuno sempilo yakho yonke, lapho imali yakho uyitshalela ukuphepha kwakho kanye nokuphepha komndeni wakho, futhi kungcono kakhulu ukusenoma udamane ulokhu uphindela uyokwenza isivivinyo sokuthola izincwadi zokushayela, ukhokha nemali eyengeziwe futhi ulahlekelwe nayisikhathi sakho, noma uchithe imali eningi ulungisa imoto yakho oyobe usuyishayisile noma usebenzise izimali eziningi uzelapha wena, noma ukhokhela umngcwabo ngemuva kokuba uye wadala ingozi ngemoto. Uma kuziwa ngasodabeni lokufundela ukushayela, hlakanipha. Bhukha ukuyokwenza izifundo nomuntu okuqeqeshelwe ukufundisa ukushayela, okungenani kube umuntu obhalisile nesikhungo i-Southern African Institute of Driving Instructors (SAIDI), bheka ngenhla. Uma ufundela ukugibela isithuthuthu kufanele ufundiswe umuntu okufundile ukufundisa ukugibela isithuthuthu. Khumbula ukuthi uma wena uthatha isinqumo sokuzibandakanya nezenzo zenkohlakalo kanye nezinto ezingekho emthethweni bese uthenga izincwadi zakho zokushayela, uzilimaza wena uqobo. Ungazikhohlisi UKUNGAKWAZI KUYABULALA. Nokungenzeka ukuthi isisulu kube uwena uqobo noma omunye umuntu, mhlawumbe kube umuntu wakho omthandayo.

UMYALEZO OBALULEKILE

Phasa ilenazi yakho kalula


Imifanekiso yenziwe ngo Deirdr du Toit, uNicholas Hester kanye no Dave Snook

CLIVE GIBSON GAVIN HOOLE BATA PASSCHIER

Acknowledgements
We wish to thank the Department of Transport for the cooperation given us during the compilation of this book in its original edition and for their continued assistance. Our special thanks go to Fleming Meyer for so kindly agreeing to read through that original manuscript, and for his comments on the technical content of the book at that time. Our thanks also go to the Port Elizabeth Traffic Department. Their enthusiastic response to our initial ideas and concepts, and their suggestions in those early days, inspired us to go ahead with the book. Their ongoing support since the first edition is much appreciated too. Finally, we acknowledge the outstanding response from the public, who have made this book the leader in its field through word-of-mouth advertising of the book that has helped many of our citizens to pass their learners easily. Clive Gibson, Gavin Hoole, Bata Passchier Port Elizabeth, 1997

Struik Lifestyle (an imprint of Random House Struik (Pty) Ltd) Company Reg. No. 1966/003153/07 Wembley Square, Solan Road, Gardens, 8001 PO Box 1144, Cape Town, 8000, South Africa www.randomstruik.co.za First published in Zulu in 1986 Second edition 1998 Third edition 2001 Fourth edition 2004 Fifth edition 2012 Copyright in published edition: Random House Struik 1986, 1998, 2001, 2004, 2012 Copyright in text and illustrations: Engage the Brain Training Systems 1986, 1998, 2001, 2004, 2012 All rights reserved. No part of this publication may be reproduced, stored in a retrieval system or transmitted in any form or by any means, electronic, mechanical, photocopying, recording or otherwise, without the prior written permission of the copyright owners.

Translated by Busisiwe Pakade and T. Gamede Designed by Beverley Dodd Typeset by Randall Watson ISBN 978 1-43230-082-1 ISBN 978 1-43230-097-5 (ePub) ISBN 978 1-43230-098-2 (PDF)

The National Road Traffic Act, Regulations and test requirements are revised by the authorities from time to time. This book is constantly updated to incorporate such changes, and every effort has been made to ensure the accuracy and current validity of the information provided in this book. Nevertheless, the Publishers and the Authors shall not be held responsible or liable in any way whatsoever for any omissions or errors contained herein, whether due to timing of the release of the updated editions or for any other reason

Okuqukethwe
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 ?
Isingeniso 5 Isivivinyo selenazi 6 Amapathi okuhambisa imoto 7 Uhlelo lokuzivivinya 9 Indlela yokushayela ngokuzivikela 10 Imithetho yomgwaqo 11 Izimpawu zomgwaqo nezidwetshwe phansi 26 Izimpawu zokuhambisa ngomthetho 27 Izimpawu ezexwayisayo 43 Izimpawu zokufundisa nokwazisa 58 Izimpawu zomgwaqo 67 Izimpawu zomgwaqo ezidwetshwe phasi 70 Izimpendulo zezivivinyo 79

Isingeniso

Leli bhuku lihlelwe ngokuqikelela okukhulu ukuze likusize ukuthi ukwazi ukufunda nokukhumbula konke okudingeka ukwazi ukuze uthole ilayisensi yokufundela ukushayela. Kuleyo naleyo ngxenye yolwazi kufakwe nesivivinyo ukuze uhlole ulwazi osowuluzile. Le mibuzo ithi ayifane naleyo ebuzwa ngumnyango wetrafikhi, kodwa ayifani ncamashi. Qinisekisa ukuthi uyazazi zonke izimpendulo ezidingekayo ngaphambi kokudlulela engxenyeni elandelayo. Izivivinyo zihlelwe ngendlela yokuthi ukhethiswe ezimpendulweni ozinikiwe. Njalo kufanele ukhethe impendulo okuyiyona eshaya emhlolweni kunazo zonke. Ukuze ukuthokozele ukufunda leli bhuku, futhi ukwazi ukukhumbula lokho okufundile, sibone kukuhle sifake nemidwebo. Lapho ubona khona lolu phawu (3) eduze komdwebo, kufanele wenze njengoba kubonisiwe. Kodwa lapho kuvela lolu phawu (7) akufanele ukwenze lokhu okukhonjisiwe. Lena yindlela yokufunda elula kanti iyokusiza ekuqondisiseni uhlelo lwezifundo omiselwe zona kanye nasekuphaseni ukuhlolwa. Khumbula ukuthi imiphumela yakho iyoncika ekuzikhandleni kwakho. Ngakho-ke yifundisise ngokuqikelela le ncwadi bese uphendula yonke imibuzo. Funda konke okusencwadini. Okokugcina futhi okubalulekile ngukuthi awuyukugcina nje ngokukhumbula lolu lwazi ukuze uphase isivivinyo kodwa uyohlala ulugcinile futhi uluvuselela ukuze usize ekuphakamiseni izinga lokushayela okuphephile eNingizimu Afrika.

2
6

Isivivinyo selayisensi yokufundela ukushalyela

ILENAZI Ukuze uthole ilayisensi yelenazi kufanele uphase isivivinyo solwazi esimayelana nemithetho yomgwaqo, izimpawu zomgwaqo kanye nezilawuli zohlobo lwemoto ofuna ukulushayela. IZIDINGO Angeke uvunyelwe ukuthi ubhalele ukuthola ilenazi uma kukhona lokhu okulandelayo: Uma uke waphucwa yinkantolo ngaphambilini ilungelo lokubhalela loku kuhlolwa, lowo myalelo wenkantolo usamiselwe, noma Uma usunelayisensi yohlobo lwemoto ozoyibhalela, noma Uma ilayisensi yakho isamisiwe okwesikhashana, futhi singakapheli isikhathi esinqunyelwe ukumiswa kwelayisensi yakho. Uma ufaka isicelo sokuyohlolelwa ukuthola izincwadi zokushayela, kufanele uphathe izithombe ezimbili ezingusayizi wezithombe zepasipoti ezingaba wumbala omhlophe nokumnyama noma okhanyayo. Uma uphumelele isivivinyo selenazi uzonikwa ilayisensi yakho yelenazi. Lokhu kuzokunika igunya lokuthi ushayele imoto emgaqweni ngaphansi kwemigomo ethile: Kufanele ushayele ngaphansi kweslo elibukhali lomuntu onezincwadi zokushayela ezisemthethweni futhi eziqondene nohlobo lwemoto ofuna ukulushayela. Umuntu onelayisensi kufanele ahlale eduze kwakho noma emuva kwakho ngqo. Uhlala ngemuva uma engekwazi ukuhlala eduze kwakho. Maqondana nezithuthuthu ezingenayo inqodlana eseceleni, awuvumelekile ukuba nomgibeli, ngakho-ke ungekwazi ukuphelekezelwa ngumfundisi. Iminyaka yobudala umuntu angathola ngayo ilayisensi yokufundela ukushayela: Mayelana nesithuthuthu esingenayo inqodlana eceleni futhi esinamandla enjini angeqile kuma-125cm3: okungenani yiminyaka yobudala eyi-16. Izimoto ezilula ezinesisindo esingeqile ku-3 500 kg: okungenani yiminyaka eyi -17. Zonke ezinye izimoto: okungenani iminyaka yobudala eyi-18.

QAPhELA: Ukukopela ngenkathi kubhalwa isivivinyo esisemthethweni kuyicala. Uma obebhala efunyanwe enecala uyomiswa angabe esabhala okungenani izinyanga eziyi-12.

AmAmAKI OKuPhAsA ADINGEKAyO

Kudingeka ukuthi uziphase zonke izigaba zesivivinyo. Uma ufeyila isigaba esisodwa, uyosifeyila sonke isivivinyo. Amamaki okuphasa adingakalayo yilawa: Imithetho yomgwaqo: 22 kwangu 28 Izimpawu zomgwaqo: 23 kwakungu 28 Izilawuli zemoto: 6 kwangu 8

Ilenazi yakho iyosebenza isikhathi esiyizinyanga ezingama-24. Ngaphambi kokubhukela ukubhala, kufanele uyohlolwa amehlo ukuze kube nesiqiniseko sokuthi ungakwazi yini ukushayela emigwaqeni yomphakathi. Isikhungo esihlolayo siyokunika yonke imininingwane kanye nezimali ezikhokhwayo. ILAyIsENsI yEmOtO/IsIthuthuthu Isitifiketi semoto (idiski) sihlala izinyanga eziyi-12 kufanele sivuselelwe minyaka yonke. IsIVIVINyO Isivivinyo esibhalwayo asiphaseki kalula. Kubalulekile-ke ukuthi ukufunde konke okuqukethwe yile ncwadi ngaphambi kokubhukela ukuhlolwa. Umbuzo ngamunye unezimpendulo eziningana. Kodwa yinye elungile. Qale ufunde umbuzo wenze isiqiniseko sokuthi uwuqondisisa kahle. Manje funda zonke izimpendulo ozinikiwe bese ukhetha eshaya emhlolweni kunazo zonke.

3
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11

AmAphAthi AhAmbisA imoto

Amaphathi okuhambisa imoto

Yonke imoto inezilawuli kanye nezinto zokusebenza kwayo. Ukuma kwezilawuli kungenzeka kwehluke kuye kwimoto nemoto ngayinye, kodwa ukusebenza kwazo kuyefana.

1 2 4 3 11 6 5 8 9 10

7
IGAmA LEsILAWuLI _______ umsEBENZI WAsO
Isibuko Esibonisa Ngemuva ___Ukubheka isimo ngemuva kwakho Amawayipha Ewindiskrini _____Ukususa amanzi kwiwindiskrini Isibuko saseceleni____________Ukuze ubheke izingozi ngemuva kanye naseceleni Isitelingi _____________________Ukuze uqondise/ujikise imoto iye endaweni ethile Isilawuli senkomba ___________Ukukhombisa inhloso yakho yokunqamula noma yokujika Induku yegiya ________________Ukukhetha igiya elifanele (ube ucindezele isipuni seklashi usishonise phansi) Ibhuleki Lokupaka ____________Ukuvimba imoto emile noma epakile ukuthi ingahambi Isipuni seklashi ______________Sicindezelwa phansi ukufaka igiya ngenduku yegiya (asitholakali kwizimoto ezizishintshayo) Isipuni sebhuleki _____________Sicindezelwa phansi ukuhambisa kancane imoto noma ukuyimisa Isipuni sikaphethroli __________Sicindezelwa phansi ukwandisa isivinini, bese sidedelwa ukwehlisa isivinini Ihutha _______________________Ukuxwayisa abanye abasebenzisi bomgwaqo esimweni esiphuthumayo

uKWENZA LOKhu

sEBENZIsA LEZI ZILAWuLI

Khombisa inhloso yakho yokushintsha indawo oya kuyo noma ukujika ________________________ 5 Inkomba misa imoto ____________________________________ 9 Isipuni sebhuleki Gijima (hamba ngesivinini) _____________________ 10 Isipuni sikaphethroli Khetha igiya ___________________________________ 8 Iklashi bese usebenzisa 6 Induku yegiya Jika ekhoneni elibi (isib. ukuze ungene komunye umgwaqo kwizimpambanondlela) _____ 1 Isibuko esibonisa ngemuva ukubheka isimo ngemuva kwakho 3 Isibuko saseceleni ukuze ubheke ngemuva kanye naseceleni 5 Inkomba ukukhombisa inhloso yakho 9 Isipuni Sebhuleki ukwenza imoto ukuthi ihambe kancane 8 Isipuni Seklashi ukushintsha uye egiyeni eliphansi 6 Induku yegiya ukukhetha igiya eliphansi 4 Isitelingi ukujika ikhona 10 Isipuni sikaphethroli ukwandisa isivinini ngemuva kokujika Ngamafuphi (ukuhleleka kwezinombolo zezilawuli zangaphakathi): 1, 3, 4, 5, 6, 8, 9, 10 ukujika noma ukushintsha indawo oya kuyo ____ 4 Isitelingi ukuvimbela imoto emile noma epakiwe ukuthi ingahambi ______________________________ 7 Ibhuleki lokupaka

AmAphAthi AhAmbisA isithUthUthU

Isithuthuthu nesithuthuthu sinezilawuli kanye kanye nezinto zokusebenza kwaso. Ukuma kwezilawuli kungenzeka kwehluke kuye kwisithuthuthu nesithuthuthu ngasinye, kodwa ukusebenza kwazo kuyefana.

3 2 6 8 4 5

1 2 3 4 5 6 7 8

IGAmA LEsILAWuLI Induku yegiya _________________ Induku yeklashi _______________ Isibuko Esibonisa Ngemuva ____ Induku yebhuleki Lesandla _____ Isibambo sikaphethroli ________ Inkinobho yenkomba __________ Ibhuleki Lonyawo ______________ Izimpondo zesithuthuthu _______

umsEBENZI WAsO Ukukhetha igiya elifanele (ube ucindezele isipuni seklashi usishonise phansi) Icindezelwa phansi ukufaka igiya ngenduku yegiya Ukubheka isimo ngemuva kwakho Icindezelwa phansi ukuhamba kancane noma ukuma Siyajikiswa ukuze kwenyuswe noma kwehliswe isivinini Ukukhombisa inhloso yakho yokunqamula noma yokujika Lisetshenziswa nenduku yebhuleki lesandla ukuhamba kancane noma ukuma Ukugondisa / ukujikisa isithuthuthu siye endaweni ethile

uKWENZA LOKhu

sEBENZIsA LEZI ZILAWuLI


Inkinobho yenkomba Induku yebhuleki lesandla kanye Nebhuleki lonyawo Isibambo Sikaphethroli Iklashi bese usebenzisa Induku yegiya

Khombisa inhloso yakho yokushintsha indawo oya kuyo noma ukujika ________________________ 6 ukumisa imoto ________________________________ 4 7 Khuphula isivinini (hamba ngokushesha) ________ 5 Khetha igiya ___________________________________ 2 1 Jika ekhoneni elibi (isib. ukuze ungene komunye umgwaqo kwizimpambanondlela) ______________ 3 6 4 2 1 8

Isibuko esibonisa ngemuva ukubheka ngemuva kwakho Inkinobho yenkomba ukukhombisa inhloso yakho Induku yebhuleki yesandla ukubamba imoto ukuthi ingagijimi Induku yeklashi ukushintsha uye egiyeni elincane Khetha igiya ukukhetha igiya eliphansi Izimpondo ukujika ikhona Ngamafuphi (ukuhleleka kwezinombolo zezilawuli zangaphakathi): 1, 2, 3, 4, 6, 8 ukujika noma ukushintsha indawo oya kuyo ____ 8 Izimpondo Vimba imoto emile noma epakile ukuthi ingahambi _ 7 Ibhuleki yokupaka NB: Ukubamba ibhuleki lezinyawo kanye nokujikisa izimpondo kufanele kungenziwa kanyekanye, ngoba kuyingozi.

Uhlelo lokuzivivinya

Ezahlukweni ezilandelayo unikwe ithuba lokuthi uthi uqhubeka ube uzihlola ulwazi lwakho. Kule ngxenye ekhuluma ngemiThetho yoMgwaqo funda lelo nalelo khasi (ulwazi kanye nezithombe ezihambisana nalo) uze ufike emibuzweni. Bukeza amakhasi angaphambi kwemibuzo ngaphambi kokuzama ukunikeza izimpendulo. Umbuzo ngamunye unezimpendulo ezintathu okufanele ukhethe kuzo okuyiyona mpendulo eshaya emhlolweni. Bonisa impendulo elungile ngokuthi wenze uphawu ngokudweba umugqa ocacile ngaphezu kukanobumba oqondene nempendulo elungile, njengoba kuboniswe lapha ngezansi: isibonelo
Yimuphi umkhawulo wejubane ojwayelekile emigwaqeni yasemadolobheni?

A B C

100 Km/h 90 Km/h 60 Km/h


A B

Njalo uma usuyiphendule yonke imibuzo engxenyeni ngayinye, qhathanisa izimpendulo zakho nalezo ezikhonjiswe ekhasini 79. Manje qhubeka ufunde amakhasi alandelayo ngaphambi kokuphendula imibuzo yesivivinyo esilandelayo. Qhubeka ufunde ngale ndlela futhi uzivivinye ngemibuzo oyinikiwe uze usiqondisise sonke isahluko esiphathelene nemiThetho yoMgwaqo. Izahluko eziqondene neziMpawu zoMgwaqo kanye nezimpawu Ezidwetshwe Phansi zihlelwe zaba yizinhla ezintathu. Izivivinyo zona zisohleni lwesithathu. Kulezi zahluko unikwe izimpendulo ezinhlanu okufanele ukhethe kuzo impendulo okuyiyona ilungile. Funda ulwazi olusohleni lokuqala, bese ubheka isithombe esihambisana nalo ohleni oluphakathi. Ngesikhathi ufunda, ungakunaki okusohleni lwesithathu. Qeda ukufunda ikhasi ngale ndlela bese umboza okuqukethwe yizinhla zombili zokuqala ngesikhathi uphendula isivivinyo esitholakala ohleni olungakwesokudla. Lokhu kusho ukuthi funda ikhasi, bese uzivivinya ngalo futhi. Qhathanisa izimpendulo zakho nalezo ezisekhasini 79. Uma ukhethe impendulo engalungile, phinda futhi ufunde ulwazi kanye nesithombe sakhona. Yenza isiqiniseko sokuthi uyaqondisisa ukuthi kungani impendulo yakho ingalungile. Libeke uphawu leli khasi bese ubuya uzozivivinya kulo emuva kwesikhathi. izivivinyo ezenzelwa ngaphandle Emuva kokufunda isahluko ngasinye, thatha ikhefu bese wenza lezi zivivinyo:

Hamba endaweni ohlala kuyo ubheke ukuthi zikhona yini izimpawu zemigwaqo kanye nezidwetshwe phansi ongakwazi ukuzisho amagama azo. Hlala uphethe leli bhuku ukuze ukwazi ukubheka lokho okungabazayo. Uma ungumgibeli emotweni, bhekisisa futhi uqaphele konke okubonayo okuyizimpawu kanye nokuyimidwebo osukufundile. Bhekisisa abanye abashayeli emgwaqeni ukuthi bayayihlonipha yini imithetho kanye nezimpawu zomgwaqo kanye nemidwebo yaphansi.

QAPhELA: Lapho ubona ikhona inkanyezi (*) embhalweni wophawu lomgwaqo, lokhu kusho ukuthi uphawu lusebenza esandleni sangakwesokudla kanye nangakwesobunxele, kwezinye izikhathi uthole ukuthi kukhona lapho lusebenza khona njengophawu oluqonde phambili.

5
AmANOthI

Izinga lokushayela ngokufanele ukugwema ingozi elingu-K53


Kunendlela yokushayela ngokuzivikela okuhloswe ngayo ukwehlisa izinga lokungqubuzana kwezimoto. Inhloso ngukugcina indawo evulekile eduze kwemoto yakho ngazo zonke izikhathi ukuze ubone konke okwenzekayo. Lena yingxenye ebalulekile yokushayela ngokuphepha, ngakho-ke uyohlolwa ngayo. Amaphuzu anqala okushayela okufanele ngokuka K53 CWANINGA: Qalaza wonke amacala eduze nakude ukuze ubone okungadala ingozi. BONA: Uma kunesiphazamiso, bheka ukuthi ngesaluhlobo luni. BIKEZELA: Cabangisisa ngohlobo lwengozi olungavela. thAthA IsINQumO: Khetha ozokwenza ukuze kuphephe wonke umuntu. yENZA: Yenza lokho ofisa ukukwenza ngemoto ngokungatatazeli kanye nangesiqiniseko Inqubo yokushayela ngokuzivikela Inqubo eyisisekelo uma uhambisa imoto ime kanje:
1 QALAZA

Ngaso sonke isikhathi hlola izibuko kanye nezindawo ezingabonakali ngaphambi kokukhombisa ozokwenza. Amasondo emoto yakho kufanele ame aqonde ngaso sonke isikhathi uma usabheka indawo engabonakali. Ngaphambi kokushintsha indawo oya kuyo, into yokugcina okufanele uyenze ukubheka indawo engabonakali engemuva kulelo cala ohlose ukujikela ngakulona.

Bheka izibuko ukuze ubone ukuthi akunalutho ngemuva ngaphambi kokukhombisa ozokwenza.

2 INDAWO Jikisa ikhanda ubheke ngaphezu kwehlombe ukuze ENGABONAKALI ubone emuva lapho izibuko zingakhombisi khona. 3 KhOmBIsA Uma kuphephile, khombisa inhloso yakho ngezinkomba noma nga-

malambu amabhuleki.
4 IZIBuKO

Phinda ubheke ukuthi kusaphephile yini ngemuva nasecaleni phambi kokushintsha.

5 AmABhuLEKI Sebenzisa amabhuleki ukwehlisa ijubane. 6 IGIyA

Khetha igiya elifanele uma kudingekile.

7 INDAWO Phinda ubheke okungabonakali ezibukweni ngaphambi ENGABONAKALI kokuya kwesobunxele noma kwesokudla. 8 QONDIsA

Uma kuphephile, qonda kulelo cala olikhombisile.

9 KhuPhuLA Yenyusa ijubane uma kufanele. IJuBANE 10 IZINKOmBA Qinisekisa ukucisha izinkomba emuva kokuqeda ukushintsha indlela.

Qaphela: Uma ufuna ukubuyela kulo mzila okade uhamba kuwo, noma ushintshela komunye futhi umzila, phinda konke okungenhla. 10

Imithetho yomgwaqo

Qinisekisa ukuthi uyayigcina njalo le mith etho yomgwaqo elandelayo ngaphandle uma ukhonjiswa yiphoyisa lomgwaqo, yiphoyisa noma wuphawu lomgwaqo.

UKUPHATHA KOMSHAYELI
Umshayeli kufanele ahlale njalo eyibambile imoto futhi ebona konke okwenzeka ngaphambi kwakhe.

Emigwaqeni ehlukanisiwe, ungashayeli endaweni ehlukanisile noma esiqhingini, ngaphandle uma kukumpambanomgwaqo noma esikhaleni lapho lokhu kungenqatsh elwe luphawu noma yiphoyisa lomgwaqo.

SHAYELA KWESOBUNXELE, DLULA NGAKWESOKUDLA

Umthetho womgwaqo uthi: shayela ngakwesobunxele emgwaqeni. Ungafaki engozini izimoto ophambana nazo ngokweqa umugqa umhlophe emgwaqeni. Ungadlula ezinye izimoto ngakwesokudla, kuphela uma: kuphephile ukwenze njalo; uma kunganqatshelwe wuphawu noma wumdwebo osemgwaqeni.

IMIKHAWULO YEjUBANE EvAMILE EMIGWAqENI YOMPHAKATHI


(Ngaphandleke uma kunolunye uphawu lomgwaqo olukuleyo ndawo olusho okwehlukile kunalokhu) Emadolobheni (imigwaqo yasedolobheni) 60 km/h: zonke izimoto Eminye imigwaqo 100 km/h: imigwaqo yasemakhaya kanye nemigwaqo kazwelonke 120 km/h: imigwaqo engothelawayeka Ngaphandleke kwalezi zimoto Kweminye imigwaqo: 80 km/h: Izimoto ezinesisindo/ ezithi uma sezihlanganise konke zibe nesis indo esingaphezu kuka9 000 kg 100 km/h: Amabhasi kanye namatekisi athwele abagibeli

Ungashayela esandleni sokudla emgwaqeni onezimoto ezibheke ndawonye.

qAPHELA: Abashayeli bezimoto zokuh lenga noma zokwelapha kanye nezimoto zezicishamlilo, kanye nabantu abanegunya elithile lokuthi benze njalo, bavumelekile ukweqa emkhawuleni wejubane obekiwe futhi bangazishaya indiva izimpawu zomg waqo ngenkathi benza imisebenzi yabo.

R2010100

80 km/h

11

UKWEDLULA OKUPHEPHILE

Okokuqala, yenza isiqiniseko sokuthi kuphephile ukwedlula.

Uma wedlula ibhasi elimile, qaphela abantu abahambayo behlika kulelo bhasi elimile.

Ungahambi kwesobunxele somugqa okhom bisa ukuphela komgwaqo ngoba ufuna ukudlula enye imoto ngakwesobunxele.

Ungabeki engozini izimoto eziza ngaphambili.

Dlula ngokushayela ngakwesokud la semoto oyidlulayo.

Ukudlulana kwezimoto emgwaqeni omkhulu:

UNGALINGI UDLULE


Ungedluli eduzane kakhulu naleyo moto.
Qinisekisa ukuthi uyedlule ngokwanele enye imoto ngaphambi kokubuyela ngakwesobunxele somgwaqo.

Uma usemzileni wokugcina kwesokud la ungashaya amalambu akhanya kak hulu angaphambili ukukhombisa imo to engaphambili ukuthi ufuna ukudlula.

Uma uqhamukela esicongweni segquma noma sendawo ekhuphukayo, ngaphandle uma umgwaqo ubanzi ngokwanele. Ejikeni, ngaphandle uma umgwaqo ubanzi ngokwanele.

UKWEDLULA NGAKWESOBUNXELE

Ungedlula ngakwesobunxele uma kuphephile ukwenze njalo: Emgwaqeni osedolobheni lapho izimo to zonke zibheke ndawonye, futhi umgwaqo ubanzi ngokwanele ukulinga na izimoto ezimbili noma ngaphezulu ezihamba zilinganisene.

R4 .1

Uma ungaboni kahle okwenzeka ngaphambili.

Uma imoto oyidlulayo ijikela kwesokudla. Emgwaqeni onezimoto eziphambanayo kodwa onemizila engaphezu kowodwa ebheke ndawonye (noma ngabe imizila idwetshiwe noma ayidwetshiwe).

Lemithetho engenhla ungayinaki uma: umgaqo abanzi ngokwanele ukuthi ungakwazi ukudlula ngokuphepha; uma ugwaqo uhamba izimoto eziya ohlangothini olulodwa.

Uma lokhu kungaba yingozi kwezinye izimoto, kubantu noma empahleni.

12

Ungalinge udlule enye imoto ose beni ngakwesobunxele somgwaqo.

Enye imoto uma ime emnqamulweni wabezinyawo noma wabafundi.

Uma udlulwa ngenye imoto emg waqeni omkhulu:

INHLANGANO-MIqWAqO

Uma ushayela kumzila wokugcina ngasesadleni sokudla, bese umshayeli ongemuva kwakho ekhombisa ukuthi ufuna ukukudlu la, buyela komunye umzila ngokukhulu ukucophelela ungalin ge unyuse ijubane, kuze kud lule imoto efuna ukukudlula.

Yima uma kukhona abahamba ngezinyawo asebephakathi emnqamulweni noma abangenayo. Ungayiphazamisi itrafikhi uma ungena empambanomgwaqo; unqamula umzila wetrafikhi.

IMIZILA YOMGWAqO


Ngokweqa umugqa omhlophe ohlangene futhi ovimbelayo.

Hamba phakathi kwemigqa yemizila.

UKWEDLULWA

Ncika esandleni sobunxele somgwaqo. Uma udlulwa ngenye imoto,


ungalikhuphuli ijubane.

Uma kuthi usahamba emzileni


ongakwesokudla, umshayeli ongemuva kwakho akhombise ukuthi ufuna ukudlula, gudlukela emzileni ongakwesobunxele ngokukhulu ukucophelela.

UKUjIKELA NGAKWESOKUNXELE


Ungagxamalazeli imigqa yemizila. Shintsha imizila uma kunesidingo futhi kuphephile. Khombisa kusenesikhathi ngaphambi kokushintsha.
Okokugcina okumele ukwenze nga phambi kokushintsha umzila ukubheka ukuthi kuphephile yini ukwenzenjalo.

Ncika kakhulu ngakwesokunxele uma ulungiselela ukujika. Shitsha ijubane likwazi ukuhambisana nokugeleza kwezimoto ngendlela ephephile.

UKUjIKELA NGAKWESOKUDLA

Mela izimoto eziqhamuka phambili ngaphambi kokujika. Sondela kakhulu ngakwesokudla esisengxenyeni yakho ukuze ezinye izimoto zikwazi ukwedlula ngokuphepha ngakwesobunxele sakho. Ngenkathi ulindele ukujika, gcina imoto ime yaqonda yabheka phambili, amasondo aqonde, ukuze ugweme ukushayiswa nge muva yizimoto zikuqhathe nezimo to eziza ngaphambili. Yeqa umugqa osenkabeni yomg waqo kuphela uma kunesikhala esanele ekugelezeni kwezimoto eziza ngaphambili.

Uma wedlulwa enye imoto, unga shayela onqenqemeni olungakwesobunxele phakathi kokuphuma kwelanga lize iyoshona, kodwa uma kuphephile ukwenze njalo futhi abantu kanye nezimoto kubonakala kahle ebangeni elingamamitha angu150. Lokhu ukuvumelekile uma kunomzila ongaphezu kowodwa kwindawo ngayinye (isib. emigwaqeni emikhulu).

KHUMBULA: Uma ulungiselela ukujika noma ukushintsha indawo oya kuyo, into yokugcina okufanele uyenze ngaphambi kokuba uqhubeke uye kwesokudla noma kwesokunxele, ngenkathi amasondo angaphambili eqondile, NGASO SONKE ISIKHATHI, ukubheka indawo engabon akali kulelo cala ozohamba uye ngakulo.

13

Yiba ngakwesokunxele sanoma yisi phi isiqhingi setrafikhi bese uhloni pha noma yiluphi uphawu lomwaqo.

IZIBONISO ZEZANDLA

IMIGWAqO EvULEKILE
Izinqola ezingavumelekile emig waqeni evulekile: Izinqola ezidonswa yizilwane Amabhayisikili Izithuthuthu ezinesisindo esingu 50cm3 noma ngaphansi

Ukuma noma ukwe Ukujikela hlisa ijubane lemoto ngakwesokunxele

Izinqola ezihanjiswa ngamandla kagesi

Izithuthuthu ezinamasondo amathathu noma amane Ogandaganda ngaphandle uma besebenza emgwaqeni Izimoto eziyizipesheli ezinesisindo esingu230 kg noma ngaphansi, ezakhelwe abantu abaphila nokukhubazeka.

Ukujikela ngakwesokudla

Ukwehliswa ijubane

Yeqa umugqa osenkabeni yomgwaqo onqamulayo ngaphambi kokujikela kwe sokudla, ngaphandle uma ujikela emg waqeni onezimoto ezibheke ndawonye.

Dlula

ABAGIBELI BAMALOLI

Abagibeli bavumelekile emuva kweloli noma kweveni kuphela uma amacala omzimba weloli/ weveni eme kanje: abagibeli abahleli kufanele: ama cala eveni noma eloli abe nge 350 mm ukuphakama, phezu kwendawo abahleli kuyo; abagibeli abamile kumele: amacala eveni noma eloli abe ngu 900 mm ukuphakama endaweni abame kuyo.

Okungavumelekile emigwaqeni evulekile (Le mithetho elandelayo ayibathinti laba abalandelayo: amaphoyisa omgwaqo asemsebenzini, noma abantu abasiza esimweni esiphuthu mayo, ukutakula, ukulungisa umgwaqo, nabavikeli bomphakathi, noma lapho ulayelwa ukuthi wenze ngenye indlela wuphawu lomgaqo.)

Ukumisa imoto, ngaphandle kwa sendaweni emiselwe lokhu. Iziboniso zezandla ngaphandle kwasesimeni esiphuthumayo.
Abahamba ngezinyawo, ngaphandle uma kungesizathu sesimo esiphuthumayo kusendaweni emiselwe ukuma noma ukupaka.

IMITHETHO NGEZIBONISO ZOMGWAqO

UTSHWALA NEZIDAKAMIZWA
Ungashayeli noma uhlale esihlalweni somshayeli imoto iduma uma uphuze uphuzo oludakanayo noma usebenzise izidakamizwa, noma umuthi ongaphazamisa ukuqaphela kwakho kanye nokwenza okufanele. Amazinga otshwala egazini elin gu100 ml kufanele abe ngaphansi kwalokhu: 0.05 kubashayeli abajwayelekile 0.02 abashayali abathwala aban tu nempahla

Veza ngaso isikhathi inhloso yakho ngokuthi usebenzise iziboniso zezand la, inkomba, noma amalambu okuma, ngaphambi: kokuma; kokwehlisa ijubane kungalindelekile; kokujikela ngakwesokunxele noma ngakwesokudla; kokushintsha imizila; kokuya ngakwesokunxele noma ngakwesokudla somgwaqo.

Nikeza abanye ithuba elanele lokubexwayisa ukuze bathathe izinyathelo ezifanele. Qinisekisa ukuthi iziboniso zakho zibonakala kahle. 14

Amazinga otshwala emoyeni ophe

fumulwayo ongu1 000 ml kufanele abe ngaphansi kwalokhu: 0.24 kubashayeli abajwayelekile 0.10 abashayali abathwala aban tu nempahla

Izilwane, ngaphandle uma zigibele emotweni noma zisendaweni ekuvumelekile kuyo ukuma noma ukupaka.

Make uzivivinye
1
Yimuphi umkhawulo wejubane ojwayelekile emigwaqeni yomphakathi? A 60 km/h B 120 km/h C 100 km/h

2
Ukuze udlule ngokuphepha kumele A Dlula ngasesandleni sobunxele semoto uma kuphephile ukuthi wenze kanjalo. B Shintsha igiya ngaphambi kokudlula. C Qikelela ukuthi uyidlule ngokwanele imoto ngaphambi kokuba ubuyele esandleni sobunxele.

3
Ungayidlula enye imoto ngakwesobunxele uma A Uma udlula ibhasi noma iloli. B Uma umshayeli wemoto ozoyedlula ejikela ngakwesokudla. C Uma ushayela imoto enesitelingi ngasesandleni sobunxele.

4
Uma udlula enye imoto, yikuphi okulandelayo ongakwenza? A Ukwedlula umkhawulo wejubane. B Ukwedlula imoto eme emnqamulweni wabahamba ngezinyawo. C Ukwedlula ngakwesobunxele emgwaqweni onezimoto eziya ndawonye futhi obanzi ngokwanele ukuthi izimoto ezimbili zingalinganisana.
A B C

5
Uma udlula enye imoto yikuphi okulandelayo okumele ukwenze? A Bheka abantu abagibelayo nalabo abehla ebhasini elimile. B Yeqa umgomo wejubane ukuze udlule ngokushesha. C Thathaza ubonge umshayeli wemoto oyedlulayo.

6
Uma udlulwa yenye imoto yikuphi okulandelayo okuhambelanayo nalokhu? A Shaya ihutha uthathaze. B Bheka ijubane lakho. C Ungenyusi ijubane.

7
Uma ushayela emgwaqeni onemizila yetrafikhi, yikuphi kokulandelayo onga fanele ukwenze? A Ukushintsha imizila. B Ukuhlala emzileni wakho. C Ukugxamalazela imigqa ehlukan ise imizila.

8
Kuvumeleke nini ukushintsha imizila? A Uma kuphephile ukwenze njalo. B Uma ukhombise ngokucacile ukuze wexwayise abanye abantu. C Kokubili lokhu okungenhla.

9
Ungedlula ngakwesobunxele uma A Usemgwaqweni onezimoto ezibheke ndawonye futhi obanzi ngokwanele ukuthi kungalinganisana izimoto ezimbili noma ngaphezulu. B Uma kusho iphoyisa lomgwaqo. C Kokubili lokhu okungenhla.

15

You might also like